Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 26:65 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

65 Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

65 ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

65 Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 26:65
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:


Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane.


Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.”


Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.


“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.


“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.


Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’


Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso: bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi, bafa ehlane ngasendleleni, sebephumile eGibithe.


Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka