Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.
UNumeri 16:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo; IsiZulu 2020 bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bema phambi kukaMose kanye nabanye babantwana bakwa-Israyeli, izikhulu zebandla ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, abantu abadumileyo ebandleni; |
Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.
Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.
Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.
Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.
Bona bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe; yena bambulala ngenkemba, waba yisaga phakathi kwabesifazane, lapho kwenziwa ukwahlulelwa kuye.
Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.
OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.
Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.
Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.