Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 16:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

35 Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 16:35
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.


Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.


wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.


thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.”


bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo;


Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.


umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.


ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o-Eleyazare no-Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.


Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka