Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 16:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bema phambi kukaMose kanye nabanye babantwana bakwa-Israyeli, izikhulu zebandla ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, abantu abadumileyo ebandleni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 16:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.


Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abadumileyo ezindlini zawoyise.


Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise: u-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Asiriyeli, noJeremiya, noHodawa, noJagidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda adumileyo nezinhloko zezindlu zawoyise.


Udumo lwakho lwaphumela ezizweni ngenxa yobuhle bakho, ngokuba bapheleliswa ngobuhle bami engabubeka phezu kwakho, isho iNkosi uJehova.


Bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe, bambulala ngenkemba, waduma phakathi kwabesifazane; ngoba bamahlulela.


Laba babeyizikhulu zebandla, izikhulu zezizwe zawoyise, izinhloko zezinkulungwane kwa-Israyeli.


OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile, ngokuba wayethathile owesifazane wakwaKushe.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Amadodana ka-Eliyabe: uNemuweli noDathani no-Abiramu. Yilabo oDathani no-Abiramu ababaziwa ebandleni, balwa noMose no-Aroni eqenjini likaKora ekulweni kwabo noJehova;


Ubaba wafela ehlane, wayengekho eqenjini lababuthanela uJehova eqenjini likaKora; kodwa wafa esonweni sakhe futhi engenamadodana.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka