Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.
UNumeri 16:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na? IsiZulu 2020 Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na? |
Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.
UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”
Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”
Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”
Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?” UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”
Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.
Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu, nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na?
kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”
Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?
Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;
Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.
UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?”
UMose wathuma wabiza oDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe; bathi: “Asiyikukhuphuka;
“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’
“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi.