Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 14:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 14:2
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


“Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?


Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.


Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.


Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.


Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?


Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”


Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”


ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*


Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”


Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,


kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?


Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”


UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.


Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni.


Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova.


Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?


Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.


“Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.


pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka