Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Isixuku esasiphakathi kwabo salamba, nabantwana bakwa-Israyeli baphinda bakhala, bathi: “Ngubani ozosinika inyama ukuba sidle na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.


Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.


“Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”


nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’


“Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,


kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?


kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.


Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


“EThabehera naseMasa naseKibiroti Hathawa namthukuthelisa uJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka