Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 16:13 - IsiZulu 2020

13 Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 16:13
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”


Yaphendula yathi: “Ngubani okubeke inkosi nomehluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala njengalokhu ubulele umGibhithe na?” UMose wayesesaba, wacabanga wathi: “Impela lokhu sekuyaziwa.”


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Kuyize yini kini ukuba niklabe edlelweni elihle bese ninyathela ngezinyawo zenu okuseleyo edlelweni lenu, nokuba niphuze amanzi acwebileyo qede niwadunge ngezinyawo zenu aseleyo na?


kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”


Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


Siyakhumbula izinhlanzi esasizidla eGibhithe ngesihle, namakhukhamba, amakhabe, amaliki, uhanyanisi neswela.


Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo.


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”


UMose wathumela wabiza uDathani no-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe, kodwa bathi: “Ngeke sikhuphuke.


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka