UMikha 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho? IsiZulu 2020 Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi uMoya kaSimakade uphelelwa yinisineke noma lezi yizenzo zakhe na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho na? Contemporary Zulu Bible 2024 Nina enithiwa yindlu kaJakobe, uMoya kaJehova uyanyakaziswa na? ingabe lokhu akwenzayo? Amazwi ami awabenzi yini okuhle kohamba ngobuqotho na? |
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.
“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.
Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.
Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,
Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.”
Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.
Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu.
nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.