Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 2:7 - IsiZulu 2020

7 Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi uMoya kaSimakade uphelelwa yinisineke noma lezi yizenzo zakhe na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nina enithiwa yindlu kaJakobe, uMoya kaJehova uyanyakaziswa na? ingabe lokhu akwenzayo? Amazwi ami awabenzi yini okuhle kohamba ngobuqotho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 2:7
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho.


Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;


Konenhliziyo emhlophe uzibonakalisa ehlanzekile, kowonakele uzibonakalisa eyisigwegwe.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Indlela kaSimakade iyinqaba koqotho, kodwa ukubhujiswa kumiselwe izikhohlakali.


Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Uyabela abaqotho impumelelo, uyisihlangu salabo abahamba ngokwethembeka.


Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Yizwani izwi likaSimakade nina ndlu kaJakobe, nani nonke mindeni yendlu ka-Israyeli.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”


Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Baphendula, bathi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abhrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abhrahama beniyakukwenza imisebenzi ka-Abhrahama.


Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.


asinigodleli uthando lwethu, kodwa anisivulelanga ingaphakathi lenu,


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka