Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
IsiLilo 4:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho. IsiZulu 2020 Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Isijeziso sobubi bakho siphelele, ndodakazi yaseZiyoni! Akasayikukuyisa ekudingisweni; Uyakuhambela ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi; uzakwambula izono zakho. |
Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.
Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.
Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.
Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.
Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo.
Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha; inzalo yakhe ichithekile, nabafowabo, nabakhelwane bakhe, yena abe engasekho.
Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.
Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.
Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.
Izizwe ziyakwazi ukuthi mina Jehova ngiyangcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele ikhona phakathi kwabo kuze kube phakade.’ ”
Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.
Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.
kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”
Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.