Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:22 - IsiZulu 2020

22 Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Isijeziso sobubi bakho siphelele, ndodakazi yaseZiyoni! Akasayikukuyisa ekudingisweni; Uyakuhambela ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi; uzakwambula izono zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Ngiyoguqula ukuthunjwa kukaJuda nokuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.


Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.


Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezifihlekile akayukukwazi ukucasha; izizukulwane zakhe, izihlobo zakhe, nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa, baphele nya.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Ukona kwendodakazi yabantu bami, kungaphezu kwesono seSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungengazandla zamuntu.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngingcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele isiphakathi kwabo, kuze kube phakade.” ’ ”


Okude uyakufa ngobhubhane, oseduze afe ngenkemba, kuthi osele ephila nolondekile, abulawe yindlala; ngiyakukufeza kanjalo ukuthukuthela kwami kubo.


Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka