Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngamzonda u-Esawu, ngachitha izintaba zakhe nefa lakhe kwaba yizimpungushe zasogwadule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 1:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wathi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.


Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha; inzalo yakhe ichithekile, nabafowabo, nabakhelwane bakhe, yena abe engasekho.


Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngo-Edomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.


“IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka nencithakalo kuze kube phakade; akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.


IBabele liyakuba yizinqwaba, nendawo yokuhlala kwamakhanka, nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.


Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe.


IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.


Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.


“Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka