Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.
IsAmbulo 18:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. IsiZulu 2020 Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini. Baasraak Zulu New Testament Bible Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. |
Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.
Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.
kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.
Ngiyakukwenza incithakalo, ungabe usabakho; uyakufunwa, kepha awusayikufunyanwa kuze kube phakade, isho iNkosi uJehova.”
Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’
Izwi lababetha ihabhu* nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.
Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”