Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 12:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 12:8
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iso elalimgqolozela alisamboni, nendawo yakhe ayisamboni.


Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.


Uma echithwa endaweni yakhe, iyakumala ngokuthi: ‘Angizange ngikubone.’


Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga.


ukuze isitha sami singasho ukuthi: “Ngimahlulile,” funa abamelene nami bethabe lapha ngintengayo.


Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.”


nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka