UJehova ophakeme unamandla kunokuholoba kwamanzi amaningi, kunokuduma kwamadlambi olwandle.
IsAmbulo 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi; IsiZulu 2020 Izinyawo zakhe zazifana nethusi elikhazimula sengathi lisesithandweni somlilo, izwi lakhe linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi. Baasraak Zulu New Testament Bible Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi. |
UJehova ophakeme unamandla kunokuholoba kwamanzi amaningi, kunokuduma kwamadlambi olwandle.
Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi, kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.
Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.
Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.
bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okukhulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu,* bebetha amahabhu abo.
Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.
“Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi: