Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 “Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ikushoyo iNdodana kaNkulunkulu, enamehlo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ikushoyo iNdodana kaNkulunkulu, enamehlo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 2:18
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele.


Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


UNathanayeli wamphendula wathi: “Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.


Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.


Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?”


eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:


Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka