Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubenyezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umzimba wakhe wawunjengoboya, nobuso bakhe bunjengokubonakala kombani, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengethusi elimibalabala, nomsindo wamazwi akhe njengezwi lesixuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 10:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uhla lwesine lube yikrisolithe,* neshohamu,* nejaspi;* azungezwe ngegolide ezisekelweni zawo.


Izingalo zakhe ziyizindilinga zegolide, okufakwe kuzo amakrisolithe;* isidumbu sakhe sinjengokwenziwe ngophondo lwendlovu, sembesiwe ngamasafire.*


Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.


Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe,* nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.


Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.


imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.


Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.*


Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.


Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.


Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane.


Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela.


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,


Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;


“Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:


esesihlanu yisaridonikisi,* esesithupha yisardiyu,* esesikhombisa yikrisolithe,* esesishiyagalombili yibherile,* esesishiyagalolunye yitopazi,* eseshumi yikrisoprasi,* eseshumi nanye yihiyakinte,* eseshumi nambili yi-amethiste.*


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka