Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;
Hoseya 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho. IsiZulu 2020 Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho. |
Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;
Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.
Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
Inkabi iyamazi umniniyo nembongolo umkhombe womnikaziyo; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.”
Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
Nalabo baduka ngewayini; ngophuzo olunamandla bayatengezela; abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla, bayatengezela ngophuzo olunamandla; bayaduka ekuboneni, bakhubeka ekwahluleleni.
incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angiyazi incwadi.”
Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela, nabesifazane bayababusa. O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; bachitha indlela yemikhondo yakho.
“Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.
Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi, nabadumileyo babo bayalamba, nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.
Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.
“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”
Yizwani lokhu nina bantu eniyiziwula neningenakuqonda, eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.
Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.
Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.
Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.
Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.
Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
“Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.
Ngokuba ngifuna uthando, hhayi umhlatshelo; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.
“Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.
Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”
UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”