Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 4:6 - IsiZulu 2020

6 Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 4:6
54 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho.


Kepha uma bengalaleli, bayobhubha ngenkemba, bafe bengenalwazi.


Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho.


Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho.


NguWena osindisa abazithobayo, ujabhise abaqhoshayo.


Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”


Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Abaphristi nabaphrofethi bacwile shi ezinkambeni, babona imibono eyize, bakhubeke ekwehluleleni. Labo ababhukuda ewayinini, babhamazeliswa wuphuzo olunamandla.


Kuthi lapho inikwa labo abangakwazi ukufunda, kuthiwe: “Fundani lokhu,” bathi: “Asikwazi ukufunda.”


Abantu bami bacindezelwa yizingane, babuswa ngabesifazane. Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; baphambanisa indlela eniziphatha ngayo.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.


Bayakubafundisa abantu bami ukwehlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umehluko phakathi kokungcolileyo nokuhlanzekileyo.


Basutha ngokwamadlelo abo, kuthe sebesuthi bazigqaja, base bengikhohlwa Mina.


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


“Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha.


“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.


Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


“U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo; babize iGibhithe, baya e-Asiriya.


Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.


“Beka uphondo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade, ngokuba basephulile isivumelwano sami, bamelana nomthetho wami.


Noma ngimlobele okuningi komthetho wami, kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”


“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka