Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Beka uphondo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade, ngokuba basephulile isivumelwano sami, bamelana nomthetho wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Faka icilongo emlonyeni wakho. Uyofika njengokhozi ngokumelene nendlu kaJehova, ngoba bephule isivumelwano sami futhi beqa umthetho wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 8:1
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”


Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


Ngiyakunikela abantu abeqile isivumelwano sami, abangawaqinisanga amazwi esivumelwano abasenzile ngaphambi kwami mhla bedabula kabili ithole, bedlula phakathi kwezinhlangothi zalo,


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


“Khulumani kwaJuda, nizwakalise eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze nithi: ‘Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.’


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, uyandiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.


Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


“Misani ibhanela* ezweni, nibethe amacilongo phakathi kwezizwe, ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo, nilibizele imibuso yase-Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi, nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu.”


“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza kuwe njengalokho okwenzileyo, udelele isifungo, waphula isivumelwano.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu noluzimpaphe zalo zinkulu, lugcwele izimpaphe ezinemibala eyahlukeneyo, lweza eLebanoni, lwathatha isihloko somsedari*,


Babethile icilongo, balungisile konke, kepha akakho ophuma impi, ngokuba ukufutheka kwami kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini!


Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu; bangikhohlisa ngalokho.


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;


Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;


Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


“Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”


Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.


Amahhashi aso anejubane kunezingwe, anonya kunezimpisi zakusihlwa; abamahhashi baso bayaqinisela; yebo, bavela kude abamahhashi baso, bandiza njengokhozi oluphuthuma ukudla.


usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosi ngasemizini ebiyelweyo nasemibhoshongweni yasezingosini.


Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuba umlilo udle imisedari* yakho.


UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.


Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.


ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka