Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Uyokhubeka emini kwabha, nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku, ngimbhubhise nonyoko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 4:5
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.


Ngabaprofethi. Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami, amathambo onke ami ayathuthumela; nginjengomuntu odakiweyo, njengomuntu owahlulwe yiwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.


unyoko uyakujabha kakhulu, owangizalayo ayangaze; bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe, ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.


“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?


“Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka