U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.
Esteri 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo. IsiZulu 2020 UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Wamnika nekhophi yombhalo womthetho owashiwo eShushani wokuba ababhujiswe, awubonise u-Esteri nokuwumemezela kuye nokumyala ukuba angene enkosini ayocela. Kuye nokunxusela abantu bakubo phambi kwakhe. |
U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.
ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”
Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.
Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.
Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,
Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,