Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 4:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wamnika nekhophi yombhalo womthetho owashiwo eShushani wokuba ababhujiswe, awubonise u-Esteri nokuwumemezela kuye nokumyala ukuba angene enkosini ayocela. Kuye nokunxusela abantu bakubo phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 4:8
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esteri akakasho inzalo yakhe nabantu bakubo; njengokumyala kukaMoridegayi; ngoba u-Esteri wenza umyalo kaMoridegayi njengalapho esondliwa nguye.


UHathagi wafika wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi.


Ngokuba ngingakubekezelela kanjani ukubona ububi obuzokwehlela abantu bami na? noma ngingabekezelela kanjani ukubona ukubhujiswa komndeni wami?


Noma ngilungile, angizange ngimphendule, kodwa ngincenge kumahluleli wami.


Khulekelani ukuthula kweJerusalema: bazaphumelela abakuthandayo.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.


Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho; ngoba lishweleza iziphambeko ezinkulu.


Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.


Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu;


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka