“Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.
AmaHubo 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa, IsiZulu 2020 Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa; Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ungilalele, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ukuze ngingalali ubuthongo bokufa; |
“Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.
Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,
Sebevuthile, ngiyakubenzela idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.
Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.
Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.
Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.
Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.