Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela ingoma kaNehiloti. Ihubo likaDavide. Bheka, Jehova, amazwi ami, uqaphele ukuzindla kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 5:1
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.


Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.


Nkulunkulu, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe emazwini omlomo wami.


Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”


UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe.


Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka