AmaHubo 102:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele enyameni yami. IsiZulu 2020 Ngenxa yokugqiha kwami, ngibubula, amathambo ami asenamathele esikhumbeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele esikhumbeni sami. |
Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami; ngisinde ngokulambisa kuphela.
Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
Ubuso babo sebumnyama kunelahle, abaziwa ezitaladini. Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo, sishwabene, saba njengomuthi.
Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.