Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 102:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 102:4
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini, kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo.


Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.


“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.


Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani.


Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.


Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.


Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami; ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani, nakwelamaHermoni, nasentabeni yaseMisari.


Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.


Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*


Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani.


Wahlaba izinso zami ngemicibisholo yesambo sakhe.


Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami.


Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka