Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 6:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iso lami lifiphele ngosizi; onke amalungu ami anjengethunzi.


Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.


Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.


UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.


Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?


Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.


wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


“Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.


Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


“Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka