Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 9:23 - IsiZulu 2020

Ngezwi likaSimakade babekanisa, nangezwi likaSimakade bahambe; baligcina izwi likaSimakade aliyaleza ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Njengomyalo weNkosi bahlala ematendeni, futhi ngokomyalo weNkosi bahamba;

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 9:23
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngoba u-Abhrahama walilalela izwi lami, wagcina imiyalo yami, imithetho, izimiso, neziyalo zami.”


Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka ehlane iSini lahamba ngezigaba, njengokuyala kukaSimakade. Lakanisa eRefidimi, kodwa kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.


Njengezinkomo zehlela ethafeni, uMoya kaSimakade wabaphumuza. Wabahola kanjalo abantu bakho, ukuze uzenzele igama elimangalisayo.


Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kodwa nizibekele abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.”


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Lokhu kwakungokokuqala besuka ngokwesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.


Nalapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli izinsuku eziningi, abakwa-Israyeli babesigcina isiyalo sikaSimakade, bangahambi.


anibalahlanga abafowenu ngazo zonke lezi zinsuku kuze kube namuhla, kodwa nikuqikelele ukugcina konke uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngakho.