Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 26:5 - IsiZulu 2020

5 ngoba u-Abhrahama walilalela izwi lami, wagcina imiyalo yami, imithetho, izimiso, neziyalo zami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba u-Abrahama walilalela izwi lami, wagcina umyalo wami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 26:5
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrama wayeneminyaka engama-75 ngesikhathi eqala uhambo lwakhe njengalokhu uSimakade ayemtshelile; wahamba noLothi, balifulathela iHarana.


Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


“Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,


futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”


“Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka