Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 26:4 - IsiZulu 2020

4 Ngiyakusandisa isizukulwane sakho sibe siningi ngangezinkanyezi esibhakabhakeni, ngisinike wonke lawa mazwe, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngenxa yesizukulwane sakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 26:4
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


Ngeke ngimfihlele, njengalokhu u-Abhrahama ezokuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba zibusiseke ngaye,


Ngalobo busuku, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abhrahama uyihlo. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngizakukubusisa, ngenze isizukulwane sakho sibe siningi kakhulu ngenxa ka-Abhrahama inceku yami.”


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.


Nezwe engalabela u-Abhrahama no-Isaka nawe ngikwabela lona nezizukulwane zakho.”


Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu.


UDavide akazange alibale inani lalabo ababeneminyaka engama-20 nabancane kunalokho, ngokuba uSimakade wayeshilo ukuthi uyomandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu.


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


Khumbula u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, izinceku zakho owazifunga Wena kuzo, wathi: ‘Ngiyokwandisa izizukulwane zenu zibe ngangezinkanyezi zezulu, ngizinike lonke leli lizwe enganethembisa lona, libe yifa lazo kuze kube phakade.’ ”


Ngenza isivumelwano nabo sokubanika iKhanani, izwe ababehlala kulo njengabafokazi.


Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’


Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu.


Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.


Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka