Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 10:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 10:1
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bazilandulela bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani ezili-12, zingamadodana endoda eyodwa, eyakhe eKhanani, uthunjana usele nobaba, omunye akasekho.”


Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.


UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.


wabona inkosi imi ngasensikeni njengokusho komthetho. Izikhulu nabamacilongo babengakuyo, bonke abantu bahlala ezweni bethokozile, beshaya amacilongo. U-Athaliya waklebhula izingubo zakhe, wamemeza, wathi: “Wugobe! Wugobe!”


Wabheka, wayibona inkosi imi ngasensikeni yayo ngasekungeneni. Izikhulu nabamacilongo babenenkosi; bonke abantu bezwe bathokoza, bashaya amacilongo, abahlabelelayo babebetha izinto zokucula, behola indumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ukuvukela umbuso! Ukuvukela umbuso!”


bonke abahlabelelayo abangabaLevi; u-Asafa, uHemani, uJeduthumi namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu babemi ngasempumalanga ye-althare. Kwakumi kanye nabo abaphristi abayi-120, beshaya amacilongo.


Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.


Lapho abakhi bebeka isisekelo sethempeli likaSimakade, abaphristi bagqoka izingubo zabo zobuphristi, baphatha amacilongo. AbaLevi ababengamadodana ka-Asafa bathatha amasimbali, bahlabelela bedumisa uSimakade njengesimiso sikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


ngamacilongo nangokukhala komtshingo, hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli bayakumisa amathende abo, kube yilowo nalowo enkanjini yabo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamaviyo abo.


“Zenzele amacilongo esiliva amabili abe ngumsebenzi ocangcathiweyo, uyakuwasebenzisa ukubiza inhlangano nalapho seyisuka inkambu.


“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lokuqala lwayo, niyoba nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; kuyokuba wusuku lwenu lokushaya amacilongo.


Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.


Ngezwi likaSimakade babekanisa, nangezwi likaSimakade bahambe; baligcina izwi likaSimakade aliyaleza ngesandla sikaMose.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.


nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo.


Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.


Omathathu amaqembu abetha amacilongo, abulala izitsha ayeziphethe, ephethe izihlonti ngezandla zawo zokudla, ashaya amacilongo amemeza, athi: “Inkemba kaSimakade nekaGideyoni!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka