Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 7:1 - IsiZulu 2020

Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngosuku uMose alimisa ngalo itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nezitsha zalo zonke, ne-altare nezitsha zalo zonke, waligcoba, walingcwelisa;

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 7:1
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaSimakade, yanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, ngomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


“Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”


Uyonikela futhi nsuku zonke, inkunzi ibe ngumnikelo wesono nowokubuyisana. Uyonikela umnikelo wesono we-althare, nalapho ulenzela umnikelo wokuhlanjululwa, uyoligcoba, ulehlukanise.


Uyakugcoba umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe.


Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare,


Yilokhu-ke okwanikelwa ngabaholi bakwa-Israyeli ngosuku i-althare elangcweliswa ngalo lehlukaniselwa uSimakade: izitsha zesiliva ezili-12, izitsha zesiliva eziyimicengezi ezili-12, nezitsha zegolide ezili-12.


Sezizonke izinkomo ezenza umhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyizinkunzi ezingama-24, izinqama ezingama-60, izimpongo ezingama-60, nezimvu ezingamaduna ezingama-60. Lokhu kwakungumnikelo wokwehlukaniswa kwe-althare; mhla lingcweliswa.


“Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na?