Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 17:2 - IsiZulu 2020

2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthathe kubo induku ngokwezindlu zawoyise, kuzo zonke izikhulu ngezindlu zawoyise, izinduku eziyishumi nambili; bhala igama lawo wonke umuntu entongeni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 17:2
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.


USimakade eseZiyoni uyakuyelula intonga yamandla akho, Wena busa phakathi kwezitha zakho.


Ngokuba intonga yezikhohlakali ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo benze okungalungile ngezandla zabo.


Uyakugcoba ngawo ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano,


Phatha le nduku ngesandla sakho, wenze ngayo izibonakaliso.”


USimakade wathi kuye: “Yini le esesandleni sakho na?” Wathi: “Yinduku.”


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nesithelo sawo, akusalanga gatsha kuwo eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ “Lesi yisililo; impela makube yisililo.”


Ilolelwe ukuba ibulale ngempela, imenyezeliselwe ukuba ibe njengonyazi. “ ‘ “Pho besiyakujabulelani na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.


“ ‘ “Bekuyisivivinyo nje; kunganjani uma intonga edelelayo manje ingayukuba bikho na?” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Entongeni kaLevi uyoloba igama lika-Aroni, ngokuba kuyoba nenhloko eyodwa kuleyo naleyo ndlu yokhokho.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka