Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 2:3 - IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba waphumula ngalo ngemva komsebenzi wonke wendalo ayewenzile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 2:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.


Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza.


Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.


“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


“Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Ngabanika futhi amasabatha ami ukuba abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguSimakade obangcwelisayo.


“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.


UJesu wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha.


Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka