kodwa thina luqobo siyosheshe sihlome, sihambe phambi kwabantu bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo. Izingane zethu ziyosala emizini ebiyelweyo, ngenxa yabakhileyo ezweni.
UNumeri 32:29 - IsiZulu 2020 UMose wathi kubo: “Uma abakwaGadi nabakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke behlomele ukulwa phambi kukaSimakade, izwe balinqobe phambi kwenu, niyobanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo; Contemporary Zulu Bible 2024 UMozisi wasesithi kubo: Uba abantwana bakoGadi labantwana bakoRubeni bechapha iJordani lani, bonke abahlomela ukulwa bazanqotshwa phambi kwe Nkosi lelizwe phambi kwenu; khona-ke kumelwe nibanike izwe lakwaGileyadi njengefa. |
kodwa thina luqobo siyosheshe sihlome, sihambe phambi kwabantu bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo. Izingane zethu ziyosala emizini ebiyelweyo, ngenxa yabakhileyo ezweni.
UMose wayeseyala ngabo u-Eleyazare, umphristi noJoshuwa, indodana kaNuni, nabaholi bezindlu zawoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli.
UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,
Ngokuba uMose wayenike isabelo sezwe ezizweni ezimbili nengxenye ngaphesheya kweJordani, kodwa abaLevi akazange abanike sabelo.
AbaLevi abanasabelo phakathi kwenu, ngokuba ubuphristi bukaSimakade buyifa labo. UGadi noRubeni nengxenye yesizwna sakwaManase sebesitholile isabelo sabo ngaphesheya kweJordani empumalanga, uMose inceku kaSimakade abanika sona.”
Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.
Emva kwakhe kwalandela uJayiri, umGileyadi, wehlulela u-Israyeli iminyaka engama-22.
USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”