Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 UMose wathi kubo: “Uma abakwaGadi nabakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke behlomele ukulwa phambi kukaSimakade, izwe balinqobe phambi kwenu, niyobanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UMozisi wasesithi kubo: Uba abantwana bakoGadi labantwana bakoRubeni bechapha iJordani lani, bonke abahlomela ukulwa bazanqotshwa phambi kwe Nkosi lelizwe phambi kwenu; khona-ke kumelwe nibanike izwe lakwaGileyadi njengefa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:29
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.


UMose wayeseyala u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo.


kepha uma bengaweli nani behlomile, bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”


UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,


Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.


Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;


Emva kwakhe kwavela uJayire wakwaGileyadi, wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka