Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 UMozisi wasesithi kubo: Uba abantwana bakoGadi labantwana bakoRubeni bechapha iJordani lani, bonke abahlomela ukulwa bazanqotshwa phambi kwe Nkosi lelizwe phambi kwenu; khona-ke kumelwe nibanike izwe lakwaGileyadi njengefa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 UMose wathi kubo: “Uma abakwaGadi nabakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke behlomele ukulwa phambi kukaSimakade, izwe balinqobe phambi kwenu, niyobanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:29
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha thina siyakuphuma sihlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli size sibafikise endaweni yabo; nabantwana bethu abancane bayohlala emizini enezivikelo eziqinile ngenxa yabakhileyo ezweni.


UMose wayala ngabo kumpristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli.


Kodwa uma bengaweli nani behlomile, bayakuba nefa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.


Banqoba uMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli; uMose, inceku kaJehova, walinika abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa.


nelakwaGileyadi, nomkhawulo wamaGeshuri, namaMahagati, nayo yonke intaba yaseHermoni, neBashani yonke, kwaze kwaba seSaleka;


Ngokuba uMose wazinika ifa lezizwe ezimbili nenxenye ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwazo.


Kodwa amaLevi kawanasabelo phakathi kwenu; ngokuba ubupristi bukaJehova buyifa labo; uGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase base bemukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, uMose inceku kaJehova abanika lona.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase babuya basuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo elisezweni laseKhanani ukuya ezweni lakwaGileyadi ezweni eliyifa labo adliwa njengefa njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.


Emva kwakhe kwavela uJayire wakwaGileyadi, wabusa u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; vele ube nesibindi ngami, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masimelane naye.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka