Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.
UNumeri 32:14 - IsiZulu 2020 “Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli. |
Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.
Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.
bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapho, ngokuba nisikhongela icala kuSimakade. Ngabe nifuna ukwenezelela esonweni nasecaleni lethu na? Ngokuba lukhulu ulaka oluvuthayo phezu kuka-Israyeli.”
U-Ezra, umphristi, wayesesukuma, wathi kubo: “Nonile, naganwa ngabesifazane bezizwe, ngaleyo ndlela nathasisela icala lika-Israyeli.
Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”
Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile.
Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.
Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;
“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane.
Uma nibuyela emuva ningamlandeli, uyophinde abashiye ehlane, nibhubhise bonke laba bantu.”
Ngalokho-ke niyafakaza, futhi nivuma imisebenzi eyenziwa ngoyihlomkhulu, ngokuba bona bababulala abaphrofethi, nina-ke senakha amatshe amathuna abo.