Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 “Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:14
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.


UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”


U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.


Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo.


Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,


“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.


Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”


Ngalokho ningofakazi, nivuma imisebenzi yawoyihlo; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo.


Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka