Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 5:3 - IsiZulu 2020

3 Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana emfuze ngomfanekiso wakhe; wambiza ngokuthi uSeti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 5:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi: “UNkulunkulu uphinde wangipha enye ingane esikhundleni sika-Abela, ngokuba uKhayini wambulala.”


Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.


Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.


kaKhenani, ka-Arifaksadi, kaShemu, kaNowa, kaLameki,


Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya.


Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile.


Inyama yonke ayifani: kodwa kukhona eyabantu, eyezilwane, eyezinyoni neyezinhlanzi.


Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka