Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.
UNumeri 25:8 - IsiZulu 2020 Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa. |
Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.
UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.
UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike le ndawo eyisibuya ukuba ngakhele kuyo uSimakade i-althare; ngizoyikhokhela imali epheleleyo ukuze lolu bhubhane lunqamuke kubantu.”
“Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika lokho ukuba angihloniphe, wangihlonipha, futhi walesaba iGama lami.
Bonke abasondela ethabanakelini likaSimakade bayakufa; siyakufa siphele sonke na?”
“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi ukhalime intukuthelo yami kwabakwa-Israyeli, ngokuba utshengise intshisekelo ngami phakathi kwabo, ukuze ngingabaqothuli ngesikhwele sami.
UMose wathi kubehluleli bakwa-Israyeli: “Yilowo nalowo makabulale abantu bakhe abazihlanganise noBhali Pheyori.”
Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.