Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 2:5 - IsiZulu 2020

5 “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika lokho ukuba angihloniphe, wangihlonipha, futhi walesaba iGama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula; ngamnika ngenxa yokwesaba ayengesaba ngakho, esaba igama lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 2:5
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


UFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi, wakubona lokho, wasukuma phakathi kwenhlangano, wadumela umkhonto wakhe.


Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli.


“Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade.


“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka