Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 7:26 - IsiZulu 2020

26 Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 7:26
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.


Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Vumelani abaholi bethu kube yibona abazosimela kulolu daba, bamele inhlangano yonke. Makuthi bonke emizini yakithi abaganwe ngabesifazane bezizwe beze ngezikhathi ezimisiweyo, behambisana namalunga nabehluleli bemizi yonke, luze lusuke kithi ulaka lukaNkulunkulu maqondana nalolu daba.”


Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela.


Abazukusho yini abaseGibhithe bathi: ‘Wabakhipha ehlose okubi, ukuba ababulalele ezintabeni, abaqothe baphele nya emhlabeni.’ Phenduka olakeni lwakho olukhulu, uguqule umqondo wakho, ungabehliseli okubi abantu bakho.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


ISharoni liyakuba yidlelo lezimvu, nesigodi i-Akhori sibe yindawo yokubuthisa izinkomo kubantu bami.


Bangiphonse emgodini, bawugcika ngamatshe.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


USimakade walihawukela izwe lakhe, waba nesihe kubantu bakhe.


Ayesemqukula uJona, amphonsa olwandle; lwase luthula cwaka ulwandle.


Yayisibiza, yakhuluma nami, yathi: “Uyabona-ke, lawa alibhekise enyakatho, ayakuthulisa uMoya wami enyakatho.”


Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli.


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


uma nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu ukuba nigcine yonke imiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, nenze okulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Ekushoneni kwelanga uJoshuwa wayala, base beyawehlisa emithini, bawaphonsa emgedeni lapho ayekade ecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womgede; asekhona nanamuhla.


UJoshuwa nabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababenaye bamthatha u-Akhani, indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe nezimbongolo nezimvu nethende lakhe, nakho konke okwakungokwakhe, bakukhuphulela esigodini i-Akhori.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka