Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 25:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 25:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.


UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”


“Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.


Bonke abasondelayo abasondela etabernakele* likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”


“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.


UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.”


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka