ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.
UNumeri 24:10 - IsiZulu 2020 UBhalaki wamthukuthelela kakhulu uBhileyamu, wahlanganisa izandla zakhe; wathi kuBhileyamu: “Ngikubize ukuba uzoqalekisa izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile kwaze kwakathathu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu. Contemporary Zulu Bible 2024 Intukuthelo kaBalaki yamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, usuzibusisile kathathu. |
ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.
“Wena-ke, ndodana yomuntu, phrofetha, ushaye izandla. Inkemba mayigadle kabili, kathathu, iyinkemba yokubulala, inkemba yokubulala okukhulu, isibazungeze nxazonke.
Nami luqobo ngiyakushaya izandla, nganelise intukuthelo yami; Mina Simakade ngikhulumile.”
“ ‘ “Impela ngenxa yenzuzo engaka engalungile oyenzile, nangegazi elikuwe, Mina ngishaya izandla ngibabaza.
‘Kunoquqaba lwabantu abaphuma eGibhithe asebegcwele ezweni lonke. Manje woza uzongiqalekisela bona, mhlawumbe ngingakwazi ukulwa nabo ngibaxoshe.’ ”
ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”
Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”
UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Wenzani kimi na? Ngikulethe lapha ukuba uqalekise izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile.”
Suka uphele lapha uphindele kini; ngathi ngizakukuhlonipha kakhulu, kodwa uSimakade wenqabile ukuba ngikuhloniphe.”
Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”
Awuyukufuna ukuthula kwabo nempumelelo yabo zonke izinsuku zokuphila kwakho kuze kube phakade.