Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:11 - IsiZulu 2020

11 ‘Kunoquqaba lwabantu abaphuma eGibhithe asebegcwele ezweni lonke. Manje woza uzongiqalekisela bona, mhlawumbe ngingakwazi ukulwa nabo ngibaxoshe.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 ‘Bheka, abantu abaphumile eGibithe basibekela ubuso bomhlaba; woza kalokhu, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukulwa nabo, ngibaxoshe.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bheka, kuphume abantu eGibithe, bembese ubuso bomhlaba; woza, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngizokwazi ukubanqoba ngibaxoshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:11
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”


UBhileyamu wathi kuNkulunkulu: “Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, ungithumelele lo myalezo, wathi:


UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”


UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Wenzani kimi na? Ngikulethe lapha ukuba uqalekise izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile.”


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’


UBhalaki wamthukuthelela kakhulu uBhileyamu, wahlanganisa izandla zakhe; wathi kuBhileyamu: “Ngikubize ukuba uzoqalekisa izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile kwaze kwakathathu.


kodwa angimlalelanga uBhileyamu; ngakho-ke wanibusisa, nganikhulula esandleni sakhe.


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka