Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,
UNumeri 22:1 - IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli bahamba, bakanisa emathafeni akwaMowabi, phesheya kweJordani maqondana neJerikho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. |
Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,
Basuka eBhamothi, baya esifundeni sakwaMowabi nasesiqongweni iPhisiga, elibheke ezansi ngasehlane.
UMose no-Eleyazare, umphristi, bakhuluma nabakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, bathi:
Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho.
Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”
Lezi zizwe ezimbili nengxenye zalithola ifa lazo phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, lapho kuphuma khona ilanga.”
USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:
Yileyo imiyalelo nezehlulelo uSimakade ayala ngakho abakwa-Israyeli, ngomlomo kaMose, ngesikhathi bekanise emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho.
“Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kusukela esigodini i-Arinoni kuze kube sentabeni iHermoni.
UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani,
Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.
amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.