Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 34:1 - IsiZulu 2020

1 UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esibhekene neJeriko. UJehova wambonisa lonke izwe lakwaGileyadi kwaDani;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 34:1
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho uLothi esehambile, uSimakade wakhuluma ku-Abhrama wathi: “Manje phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke lapho ukhona: enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga,


Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kwakungathi isakhiwo somuzi ongaseningizimu.


Basuka eBhamothi, baya esifundeni sakwaMowabi nasesiqongweni iPhisiga, elibheke ezansi ngasehlane.


Wamsusa lapho waya naye ensimini eZofimu, esiqongweni sentaba iPhisiga. Wakha ama-althare ayisikhombisa, kwathi kulelo nalelo althare wenza umnikelo ngenkunzi nenqama.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli.


Basuka e-Alimoni Dibhilathayimi, bakanisa ezintabeni i-Abharimi, phambi kweNebho.


Khuphukela esicongweni iPhisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, enyakatho, eningizimu, nangasempumalanga, uzibonele ngokwakho, ngokuba awuyukuliwela leli Jordani.


“Khuphukela entabeni i-Abharimi, okuyintaba iNebho kwaMowabi, eqondene neJerikho, ulibuke iKhanani engizakubanika lona abantu bakwa-Israyeli, ukuba libe yifa labo.


Uyakulibona izwe phambi kwakho, kodwa awuyukungena kulo, izwe engibanika lona abantu bakwa-Israyeli.”


USimakade wathi kuye: “Nanto-ke izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika uzalo lwakho; ngikuvumele walibona ngamehlo akho, kodwa awuyukuwelela kulo.’ ”


Kwathi ukuba abozalo lukaDani balahlekelwe ngumngcele wabo, bakhuphuka balwa neLeshemu, balidla, balibhubhisa ngenkemba, balithatha, bakha kulo, base belibiza iLeshemu ngokuthi yiDani, beliqamba ngegama likaDani uyise.


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu.


Bawubiza ngokuthi kukwaDani, bawubiza ngegama likakhokho wabo uDani, owayezalwa ngu-Israyeli; umuzi owawubizwa phambilini ngokuthi yiLayishi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka